UZulu Boy ubophe ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe eNew York - Isambane News seTheku

Header Ads

test

UZulu Boy ubophe ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe eNew York

UZulu Boy ubophe ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe eNew York 

Abantu bahalalisele umrepha waseNingizimu Afrika ophinde abe ngumlingisi uMxolisi Majozi odume ngelikaZulu Boy osanda kubopha ifindo likasofa silahlane nesithandwa sakhe saseMelika.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Nomalanga umemezele ngenjabulo umshado wakhe ezinkundleni zokuxhumana. Njengamanje, e-US, lapho enza khona izifungo nonkosikazi wakhe, waya ekhasini lakhe le-Instagram ukuze wabelana ngezindaba. Embhalweni wakhe lo mrepha uveze ukuthi sebeneminyaka eyisikhombisa bendawonye. Esithombeni okwabelwana ngaso, uZulu Boy umi eduze komkakhe, injabulo ibonakala ebusweni babo.

Ecaphuna umbhalo wakhe uthe: “Sekuyiminyaka eyisikhombisa futhi usuku selufikile. Phela ngisakholelwa othandweni. Sibheke ngabomvu ukukhulisa umndeni wethu nesithandwa Sami esingu umngani wami. Ingxenye yesibili yempilo isanda kuqala. Bafo ngisanda kushada.”

A post shared by ZuluBoy (@iamzuluboy)

Umthombo osondelene noZulu Boy upotshozele iSunday World wathi: “Akuyena u-Andiswa lowo, kodwa uyintokazi entsha. Bayathandana kakhulu, kangangokuthi uZulu Boy wanquma ukuya phesheya kwezilwandle ukuze abe naye. Asazi ukuthi uzobuya nini. Ubonakala esungula impilo yakhe eNew York. "

Lapho ebuzwa ngegama lakhe, uthe: “Nathi asilazi igama lakhe, ngaphandle kokuthi ungowaseMelika onsundu. Futhi banezingane ezimbili kakade. Ungumdidiyeli omkhulu eHollywood.”

Lo mrepha wesiZulu , phambilini wayeshade no-Andiswa Majozi iminyaka emihlanu.

No comments