UMengameli waseRwanda usebize uRamaphosa ngomqambimanga ikakhulukazi kubantu baseNingizimu Afrika ngodaba lwase-DRC - Isambane News seTheku

Header Ads

test

UMengameli waseRwanda usebize uRamaphosa ngomqambimanga ikakhulukazi kubantu baseNingizimu Afrika ngodaba lwase-DRC

 


UMengameli waseRwanda ubiza uRamaphosa ngomqambimanga njengoba eqambe amanga kubantu baseNingizimu Afrika njengoba impi iqhubeka e-DRC. 

UMengameli waseRwanda uPaul Kagame ukhwele wadilika kuMengameli Cyril Ramaphosa.

Umsola ngamanga, ukuhlasela ngamabomu kanye nokuhlanekezela ingxoxo yabo ngodweshu lwase-DRC.

Kushone amasosha angu-13 e-SANDF ngesikhathi elwa namavukelambuso e-M23 empumalanga ne-DRC.

Kodwa, uKagame uthi uRamaphosa ukuqinisekisile kuye ukuthi babulawa amasosha ase-DRC.

Esitatimendeni esinamandla ku-X, uKagame uthi iNingizimu Afrika ayikho esimweni sokudlala indima yokudala ukuthula noma umlamuleli.

UKagame ubiza abagcini bokuthula be-SADC njengamabutho alwayo alwa ukuze asize uhulumeni wase-DRC.

UKagame uxwayisa ngokuthi uma iNingizimu Afrika ifuna ukubhekana ngeziqu zamehlo, iKigali izophendula ngendlela.

No comments