Owesifazane owadubula owayeyisoka lakhe nge-AK-47 uvele enkantolo - Isambane News seTheku

Header Ads

test

Owesifazane owadubula owayeyisoka lakhe nge-AK-47 uvele enkantolo

 


Owesifazane osolwa ngokudubula owayeyisoka lakhe noyise wengane yakhe ngesibhamu sohlobo lwe-AK-47 ngoMsombuluko uvele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesine ngecala lokuzama ukubulala.

UNokulunga Penelope Mthethwa (39), waseHenley Dam, uboshwe ngasekuqaleni kwaleli sonto ngemuva kokusabalala kwe-video emkhombisa elele phezu kowesilisa owayelimele edindilize phansi ngemuva kwezinsolo zokuthi umdubule ngesibhamu. Owesilisa usasesibhedlela uthola ukwelashwa.m

Imifanekiso ye-vido ikhombise lowesifazane ekhahlela owesilisa emushaya ngesibhamu ngesikhathi sesigameko e-Azalea, eMgungundlovu. Isakhamuzi esizibonele ukuhlasela sitshele iThe Witness ukuthi uMthethwa wehla emotweni ephethe isibhamu.

“Waxabana nalo wesilisa obehamba nomunye wesifazane wase emdubula amahlandla amaningi,” kusho umfakazi.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uSergeant Sifiso Gwala, olunye uphenyo luveze ukuthi uMthethwa ube nengxabano nowesilisa e-Azalea ngaphambi kokuthi amdubule amahlandla amathathu esiswini kanye nasemlenzeni.

Ithimba lezinhlaka ezahlukene - okuhlanganisa ithimba lesifunda saseMgungundlovu SAPS District Task Team, uMgungundlovu SAPS Trio Crimes Task Team, SAPS E2 District Project, kanye ne-Aphiwe Protection Services - lilandele umkhondo walesi sibhamu laqinisekisa ukuthi ngesesoka likaMthethwa, elingunogada.

Ngemuva kokuvela okokuqala enkantolo ngoLwesine, uMthethwa udluliselwe eWestville Correctional Centre. 

Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngoFebhuwari 6 ukuze azofaka isicelo sebheyili.


Umthombo: https://witness.co.za/news/2025/01/31/woman-who-shot-former-boyfriend-with-ak-47-appears-in-court/

No comments